AboMnyango wezoLimo bagcina uhla lwezinhlobo ezibalulekile zezitshalo ezehlukene zemifino nezithelo zezolimo. Ukubika izitshal ngenhloso yokulandela umthetho kanye nokubandakanywa kwazo kuhla lwezinhlobo zezitshalo kwenziwa ngesicelo. Okulandelwayo wukubaluleka kwenhlobo yesitshalo kwezomnotho weNingizimu Afrika.
ifomu eligcwaliswe ngokuphelele application form a technical questionnaire izimali ezibekiwe okumele zikhokhelwe isicelo nohlolo imbewu noma izinqanyana ezisetshenziselwa ukwandisa izitshalo isigunyaziso esibhaliwe somnikazi, uma ungeyena umtshali owandisayo, inhlobo ekhethiwe noma yathuthukiswa.
Sicela ucacise kwi-questionnaire uuthi lenhlobo kumele iqhathaniswe naziphi izinhlobo ezaziwayo eNingizimu Afrika, izinhlobo ezintsha kumele ziqhathaniswe ukubona ukwehluka kwazo.
Uma kudingeka ukuvikeleka ngokulandela amalungelo abandisi bezitshalo , abenzi bezicelo belulekwa ukufaka izicelo kanye-kanye ukonga isikhathi kanye nemali.
Inqubo yokufakelwa kuhla kwezinhlobo, izothatha okungenani isikhathi esisoswa sesizini yokutshala nokukhula kwezitshalo.
